“Indaba, indaba, bandla Gogo, sicela usixoxele indaba,” kuncenga uNeo. UBella wamamatheka wavuma ngekhanda.
“Yebo, siyakucela bandla,” kusho u-Afrika owayegone kuGogo.
Wahleka uGogo. “Kulungile,” kusho yena, “ake nginixoxele indaba yokuthi naba abangani kanjani. Ngabe niyazi ukuthi kwaqala ngomdlwane?”
UNeo wavuma ngekhanda. UBella wamamatheka wathi, “Sixoxele, sixoxele.” UGogo wabe eseqala ukuxoxa indaba.
Ngobunye ubusuku, esikhathini esingekudala kakhulu, kwakukhona umdlwane owawuzula unuka imigqomo owawufika kuyo. Wawulambile futhi ulahlekile. Wawungazi ukuthi uyaphi kodwa wawazi ukuthi akunalutho esiswini sawo futhi udinga ukudla!
“Umdlwane wabantu, bandla,” kusho u-Afrika.
Kodwa kwakungekho kudla eduze kwemigqomo.
Umdlwane wawukhalela phansi. Wawudinga ukudla nokuthola indawo yokulala efudumele. Wawehla ngomgwaqo. Kwakukhona izindlu eziningi kodwa ezinye zazo zazinezinja ezinkulu ezaziwukhonkotha ziwuvezele namazinyo azo. Wawesaba kakhulu.
Kwase kuthi, ngasekugcineni komgwaqo, wabona indlu encane eyayingenazinja ezinkulu egcekeni. Yayinezibani ezikhanya ngaphakathi futhi yayibukeka ifudumele, inobungani, ngakho…
